UMthetho okhuthaza ukuFinyelela kuLwazi, ka 2000 ("uMthetho") washaywa ngomhlaka 9 March ku 2001, ufezekisa ilungelo ngokomthetho-sisekelo lokuthola inoma iluphi ulwazi olusezinhlakeni zikahulumeni kumbe ezangasese uma ludingakala ngokwelungelo kumbe ukuvikelwa kwamalungelo athize. Lapho kufakwe isicelo sokutholakala kwalolu lwazi, njengokulandela uMthetho, uhlaka okubhekiswe kulona leso sicelo, lunesibopho sokudedela lolo lwazi, ngaphandle uma uMthetho ukubeka kucace ukuthi kufanele yini noma cha ukuthi leyo mininingwane idedelwe.
UMthetho uyayalela nangezinkambiso okufanele mazilandelwe uma kufakwa isicelo sokuthola ulwazi. Lomqulu kuhloswe ngawo ukuthi kuthuthukiswe isiko lokubeka obala okwenziwayo kanye nobuqotho phakathi koMnyango wezoHwebo neziMboni ("u-DTI") ngokufezekisa ilungelo lokuthola ulwazi ukuze abantu kumbe izinhlaka ezithile ziwasebenzise futhi kuvikelwe amalungelo azo. Ukuze kukhuthazwe ukwengayelwa okuyikho kwezinhlaka zikahulumeni, kusemqoka ukuba kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu ucijiwe futhi ufundisekile ukuze aqonde ngamalungelo akhe ngaphansi kwaloMthetho.
Nangendlela ebeka lelo lungelo esilinganisweni namanye amalungelo, kumbandakanya amalungelo anjengalawo atholakala kuMqulu wamaLungelo kuMthetho-Sisekelo.
IsiGaba 14 soMthetho sinikeza izinhlaka zikahulumeni ukuba zibhale umqulu wokusebenza, ozokusiza umuntu ofuna ukuthola ulwazi oluthile olukulowomnyango, kanti sibeka izimfuno okufanele zeneliswe yilemiqulu.
U-DTI uthe uzohlala ebhidlangele ukusebenzela obala futhi ahlale ekhipha ngokukhululekile ulwazi kumphakathi nakuzinhlangothi zamabhizinisi, abathengi ngemibhalo kaDTI, izaziso, I-website kanjalo nangesikhungo esishayelwa ucingo.
Lomqulu uhlose ukunikeza lowo ofaka isicelo sokuthola ulwazi, njengokulandela uMthetho, ngemininingwane yokuthintana, kanye nezinkambiso zokuthola ulwazi oluthize kwa-DTI.
LeManuwali ibuye izmisele ukunikeza umfaki-sicelo ngencazelo ecacile yokwakheka, imisebenzi, izinsizakalo kanye nenkomba yolwazi olukwa-DTI ukuze umfaki-sicelo akwazi ukuthola kalula indawo lapho ulwazi lukhona.
Lomqulu ubuye ube namafomu adingakalayo kanye nenkokhelo ehambisana nezicelo zolwazi.
Inhloso ka-DTI ukuhola nokusiza uhlelo lokufiinyelela esimweni sokusimama kwezomnotho kanye nokuvula mathuba omsebenzi kubona bonke abakhele leli lengabadi, ngokukhuphula amazinga otshalo-mali, ngokuthuthukisa nokwandisa ukudayiswa kwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika emazweni angaphandle, kanye nokwakha imakethe enobulungiswa futhi esezingeni elihle lokuqhudelana ngemikhiqizo kumabhizinisi aphakathi nangaphandle kanjalo nabathengi. Ngaleyo ndlela-ke, u-DTI usebenzela ukubeka UMnotho waseNingizimu Afrika emzileni osheshayo wokuthuthuka nokudlondlobala.
Ukuthuthukisa umkhakha wokukhiqiza ohlanganyele futhi osezingeni eliphezulu okhuthaza ukwandiswa kwamathuba okukhula okusimeme ngokomnotho kubona bonke abaseNingizimu Afrika.
Ukwandisa nokukhulisa ubungako bemakethe yokukhiqizwe kanye nezinsizakalo zaseNingizimu Afrika.
Ukugqugquzela amazinga aphezulu otshalo-mali lwangaphakathi nolwangaphandle.
Ukwakha imakethe enonulungiswa ngamathuba, enezinga lokuqhudelana ngemikhiqizo elifanelekile eNingizimu Afrika kumabhizinisi angaphakathi nawangaphandle, kanjalo nabathengi.
Imikhakha yokucathulisa, enikeza usizo kumabhizinisi asebenza ukusiza izigaba ezehluka-hlukene zomnyango.
Izinhlaka zokwakhiwa kwemigomo, ezigxila ekwakheni izimo ezikhuthazayo ngaphansi komnotho.
Izigaba zokwethulwa kwezinsizakalo ezixhumana ngqo namabhizinisi nabathengi ngemikhiqizo kanye nezinsizakalo.
Umkhakha wezokukhangisa, obhekele ukukhangiswa kwemikhiqizo ka-DTI (izinhlelo kanye nezibonelelo) kanye nokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi asekhaya kanye nabathengi bayawaqonda amalungelo abo ngakwezomnotho.
Ukwandisa ukwaziseka nokufinyelela kumikhiqizo nezinsizakalo zika-DTI.
Imininingwane yeziNkampani e.g. umqondisi, abanezabelo, ikheli lenkampani, etc.
Ukuphathwa kweMithombo yeziMali neyaBantu e.g.
Umthetho owengamele ezamaBhizinisi I-Businesses Act 71 ka 1991: Inhloso yaloMthetho ukuchitha nokuchibiyela imithetho ethize ephathelene nokukhishwa kwezimvume zokuhambisa amabhizinisi , izikhathi zokuvulwa nokuvalwa kwezitolo, kanye nokuqinisekisa ukuthi ukukhishwa kwezimvume zamabhizinisi nokusebenza kwayo, kanye nokubhekela konke okunye okuhambisana nalokhu.
UMthetho wokuncintisana Act 89 ka 1998: inhloso yalomthetho ukwenza kubekhona ukusungulwa kweKhomishani lezokuNcintisana elimele ukuphenya, ukulawula nokulinganisa inqubo yemigomo, ukungasetshenziswa ngendlela eyiyo , nokuhlinganisa izinkampani. Kanti, nokusungulwa kwesiGungu sokuNcintisana esimele ukuthatha izinqumo ngalezi zindaba, kanye nokusungulwa kweNkantolo yokuDlulisa amacala.
UMthetho wesibili wesichibiyelo Act 39 ka 2000: inhloso yalomthetho ukuchibiyela uMthetho wokuNcintisana, ka 1998, ukuze kuchazwe amanye amazwi, kuchitshiyelwe izincazelo kuphindwe kususwe ezinye izincazelo.
UMthetho wezivumelwano zokuthenga ngesikweletu uAct 75 ka 1980: inhloso yalomthetho ukuvikela abathengi abathenga impahla ngokuyilisa, ngokuyiqasha noma ngesikweletu kanye nabathola ezinye izinsiza ngesikweletu.
UMthetho wokutholakala kwemikhiqizo kaZwelonke uAct 89 ka 1970: Inhloso yalomthetho ukunikezela uNgqongqoshe wezoMnotho amandla okukhiqiza, awokuthola imikhiqizo, ukuqasha noma ukuthola impahla emazweni angaphandle.
UMthetho wezindaba zokuthengisa nezinsiza uAct 25 ka1964: Inhloso yalomthetho ukwenza kubekhona ukulawulwa kokuthengiswa kwemikhiqizo nokwethulwa kwezinsiza nezinye izinto ezingaqhamuka.
UMthetho wizikimu zokuthuthukisa izindawo, izindlu zabantu asebethathe impesheni uAct 65 ka 1988: Inhloso yalomthetho ukulawula ukudluliselwa kezindlu nokuhambelana nazo okukhona kwizikimu zokuthuthukiswa kwezindlu kwenzelwa abathathe impesheni, kanye nokwenza kubekhona nezinye izinto ezihambelana nalokhu.
UMthetho wokulawulwa kwamabhilidi kazwelonke nowamazinga amabhilidi uAct 103 ka 1977: Inhloso yalomthetho ukuqhubekisela phambili ukufana nobunye bomthetho ophathelene nokwakhiwa kwamabhilidi ezindaweni zomasipala bendawo leyo, kanye nokusho ukuthi kufanele amazinga amabhilidi abenjani, nokunye okuphathelene nalokhu.
UMthetho wokuGembula kaZwelonke uAct 33 ka 1996: Inhloso yalomthetho ukwenza kubekhona ukulawulwa nokuqoqelwa ndawonye kwezindaba eziphathelene namakhasino, nokugembula kanti ngaleyo ndlela kubekhona ukuqhubekisela phambili izinkambiso namazinga afanayo alandelwa kuyo yonke iRepublic: kanye, nokusungula iBhodi likaZwelonke lokuGembula, nokukhathalelwa kwakho konke okuphathelene nokugembula.
UMthetho wokungakhiwa futhi kweZikhali zenunzi ezingomashay'abhuqe uAct 87 ka 1993: Inhloso yalomthetho ukwenza kubekhona ukulawulwa kwezikhali ezibhuqa konke, kanye nokusungulwa kweKhansela elizolawula liphathe izindaba zokwakhiwa kwezikhali lezo kuRepublic; kanye nokusho izinjongo nomsebenziwalezo zikhali, nokusho izindlela ezizophathwa zilawulwe ngayo, nokuphathelene nazo.
UMthetho kaShukela uAct 9 ka 1978: Inhloso yalomthetho ukuqoqela ndawonye nokuchibiyela imithetho ephathelene nemboni kashukela, nezinto ezingahle ziqhamuke eziphathelene nayo.
UMthetho wokushintshwa kwemali ekuthengisweni kwempahla yamazwe omhlaba uAct 4 ka 1986: Inhloso yalomthetho ukwenza kusetshenziswe ukushithwa kwemali ekuthengisweni kwempahla yamazwe omhlaba, nokukhathalela okungahle kuqhamuke okuphathelene nakho.
UMthetho wokunikezela izikweletu kwimikhiqizo yangaphandle nemishwalense yabatshali zimali bamazwe angaphandle uAct 78 ka 1957: Inhloso yalomthetho ukuthuthukisa ukuhwebelana namazwe angaphandle kweRepublic ngokuwanikezela umshwalense noHulumeni waseRepublic, umshwalense wamakhontraki ophathelene nemikhiqizo yangaphandle, ukutshalwa kwezimali, imali yokwetshelekwa noma ngezinye izinto ezihambelana nakho.
UMthetho wesivumelwano namazwe omhlaba ngamakhonteyina aphephile uAct 11 ka 1985: Inhloso yalomthetho ukwenza kusetshenzise isivumelwano samazwe omhlaba ngamakhonteyina aphephile, nokubhekela okungahle kuqhamuke kulokhu.
UMthetho wezindlela zokulinganisa namazinga okulinganisa kaZwelonke uAct 76 ka 1973: Lo Mthetho wenza kubekhona isistimu yokuqaliswa nokusetshenziswa kwezindlela zokulinganisa eRepublic, kweSistimu yoMhlaba wonke yokulinganisa nezinye izindlela zokulinganisa eziphathelene nakho.
UMthetho wamazinga Act 29 ka 1993: Lo Mthetho wenza kuthuthukiswe futhi kugcinwe amazinga nekhwalithi ezintweni nasekwethulweni kwezinsiza.
UMthetho wokuthuthukiswa kwezimboni uAct 22 ka 1940: Inhloso yalomthetho ukumisa inhlangano, onjongo yayo kungukuqhubekisela phambili ukusungulwa kwezimboni ezintsha, izivumelwano zezimboni, nokuthuthukiswa kwezimboni esezivele zikhona kanye nezivumelwano esezivele zikhona, nokubhekela okungahle kuvele.
UMthetho wokuthuthukisa okusungulwe uAct 31 ka 1962: Inhloso yalomthetho ukuqhubekisela phambili ukuthuthukiswa nokuvimbela ukusetshenziswa ngokuxhashazwa kwezinto ezitholakele, ezisungulwe nezithuthukisiwe zomphakathi ngenjongo yokusungula Inhlangano yokuthuthukiswa kwezinto ezisungulwe eNingizimu Afrika nokubeka amandla nokusebenza kwayo ngendlela yokuthi ingaphatheka ilawuleke futhi, nokubhekela nokunye okungaqhamuka.
UMthetho wesiKhwama sokunikezelwa kwamandla kubantu abebenzelelwe kaZwelonke uAct 105 ka 1998: Inhloso yalomthetho ngukusungula abagcinisikhwama abazothuthukisa benze kubelula ukuthi abantu abebenzelelwe ngaphambilini bathole ubumnini bempahla engenisa imali.
UMthetho weKhansela lezoCwaningo lezeSayensi nezeMisebenzi yokwenza impahla uAct 46 ka 1988: Inhloso yalomthetho ukwenza buqhubeke ubukhona beKhansela loCwaningo lezeSayensi neMisebenzi yokwenza impahla nokuphathwa kwalelo Bhodi, nezinye izinto ezithintana nakho.
UMthetho wamagama amabhizinisi uAct 27 ka 1960: Inhloso yalomthetho ngukwenza kubekhona ukulawulwa kwamagama amabhizinisi nezinto ezihambelana nakho.
UMthetho wempahla mbumbulu uAct 37 ka 1997: Inhloso yalomthetho ngukwethula izindlela zokuvimbela ukuhweba ngempahla mbumbulu ukuze kuvikelwe abanikazi bamamaki okuhweba, amalungelo empahla namanye amamaki ngaphansi koMthetho wamamaki empahla ethengiswayo ka 1941, kanye nokuvimbela imigudu yokuthengiswa kwale mpahla mbumbulu.
UMthetho wamamaki okuhweba uAct 194 ka 1993: Inhloso yalomthetho ngukubhaliswa kwamamaki okuhweba, ukunikezelwa kwezitifiketi zamamaki okuhweba nalawo eqembu, kanye nokubhekela okungahle kuvele.
UMthetho wokusetshenziswa kwezithombe okungemthetho uAct 37 ka 1961: Lo mthetho uvikela abathengi ngokuvimbela ukusetshenziswa ngokungemthetho kwezithombe zikaHulumeni nokumele ukubonisa ukusekelwa kwalowo mkhiqizo nguHulumeni noma izinsizakalo lapho lokho kusekelwa bekungagunyaziwe.
AmaDuty Credit Certificates ezimboni zezindwangu- Izikimu zalezi zitifiketi (DCCS) zaqalisa ngomhla ka 1 April 1993 ukuze kukhuthazwe abakhiqizi bezindwangu nezingubo zokugqoka ukuba baqophisane namazwe omhlaba, ngaphandle kokusizwa nguhulumeni. Lolu nguhlelo lokuthola amakhredithi ngokwemikhiqizo yakho yezindwangu nezingubo zokugqoka othe wazithengisa kwamanye amazwe kulowo nyaka.
Isizinda sokusiza amakhasimende sakwa-DTI singakusiza uma unemibuzo ngalokhu nezinye izindlela zokuhweba.
Izitifiketi ezisemthethweni zokungenisa impahla ngokohlelo lokuthuthukisa lemboni yezimoto - Inhloso yalokhu ngukuthuthukisa ukuqhudelana nomhlaba wonke wezimoto nasezimbonini zamaphathi ezimoto. Izicelo zamaphathi ezimoto kudinga zigunyazwe njengezisemthethweni ukuze ukwazi ukuthola izibonelelo ngokuka-MIDP.
Ukukhushulwa kwemali ekhokhwa empahleni engenayo nephumayo ezweni - Inhloso yalokhu ngukukhuthaza Ukuthuthuka koMnotho ozinzileyo ngokugqugquzela ukuqhudelana namazwe omhlaba nokusetshenziswa kwale mithombo kakhulu.
Ukubuyiselwa imali ekhokhwayo empahleni engenayo nephumayo ezweni kumikhiqizo etholakalayo eSACU ngezinjongo zokuyithengisa - U-DTI ubuyisela imali ekhokhwayo empahleni engatholakali eSACU. Inhloso yokwenza lokhu ngukwehlisa intengo yaleyo mpahla, nokwandisa ukuqhudelana, nokuthuthukisa ukukhiqizwa kwempahla ngaphakathi eSACU.
Ukwehliswa kwemali ekhokhwayo empahleni engenayo nephumayo ezweni - Inhloso yalokhu ngukwehlisa intengo nokwandisa ukuqhudelana namazwe omhlaba.
Ukwamukela ukuphikisana nokufuhlelwa noma intela ekhokhwayo - U-DTI uvikela izimboni eSACU ekwandeni kwamazinga okuphikisana nokufuhlelwa kwempahla noma nokukhokha intela lapho okhipha noma ongenisa impahla ezweni evumela ukuphikisana nokufuhlelwa nokukhokhwa kwentela, okusho ukuthi uma kunokungahambi kwentengo ngemuva kokuphoqwa ukukhokha.
Isinyathelo esithathelwa abeqa umthetho wokukhokhela impahla - U-DTI uvikela izimboni eSACU ngokukhuphula noma ngokwandisa ukusetshenziswa kokukhokhela impahla lapho ukuphikisana nokufuhlelwa kwempahla noma ukukhokha intela kungalandelwe ngokukhokha imali engeyiyo, ukweqisa impahla kwamanye amazwe noma ngokusebenzisa eminye imigudu engemthetho.
Isinyathelo esithathelwa ukufuhlelwa kwempahla - U-DTI wenza kube khona ukuphenywa kokuphikiswa kokufuhlelwa kwempahla, ukuvikela izimboni zase-SACU kwinqubo yohwebo olungenabulungisa lapho impahla evela kwamanye amazwe ingeniswa eSACU ukuzothengiswa ngenani elingaphansi kwalawo akuleli lizwe, okuyinto ekhinyabeza izimboni zase-SACU.
Isinyathelo esithathelwa impahla evela ngaphandle ngokusizwa - U-DTI wenza kube khona uphenyo olunzulu, ukuthuthukisa ukuvikelwa kwezimboni zase-SACU kwimikhiqizo engeniswe ngamanani aphansi ngokusizwa nguhulumeni ukuze kunqandwe ubungozi obungakhona ezimbonini zalapha.
UMthetho wokuphenya ukwephulwa komthetho wokulawulwa kokungeniswa nokukhishwa kwempahla ngokuhwebelana namazwe angaphandle - Inhloso yalomthetho ukwenza kubekhona ukuphenywa kokwephulwa kwalo mthetho, ukuthatha impahla engene ngokungemthetho, impahla ezokhishwa ngokungemthetho, kanye nokubeka icala labo abawephulayo.
Ukubhaliswa kweZinkampani - U-DTI wenza izinkampani zibesemthethweni ngokubhaliswa kwazo ngaphansi koMthetho weZinkampani. Lokhu kubandakanya ukubhalisa noma ukuhlinganisa izinkampani zomphakathi nezizimele, ukufaka ulwazi olusha nokuchibiyela ulwazi oluphathelene nezinkampani ezibhalisiwe, nokuvikela abatshalizimali ngokuqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kwazo kuhamba ngendlela..
Ukuveza ulwazi ngenkampani - U-DTI unikezela ngolwazi ngokusebenzisa amakhophi, amakhophi agunyazwe ngokomthetho, ukwazi ukuthola ulwazi kuCIPRO mayelana neminyango kaHulumeni nolwazi lokuthengisiwe ngokusebenzisa amaCD namahard drives. Lokhu kunikezela kuqinisekisa ulwazi olusemthethweni, ikakhulu ngobunjalo bezinkampani ezizimele.
Ukugodlwa kwegama - U-DTI uvikela izizinda noma izinkamapani ngokuzigodlela amagama. Lolu sizo lubandakanya ukugodlwa kwegama ukuze kubhaliswe inkampani.
Ukubhaliswa kwelungelo lokuvikeleka kokusungulwe ngumuntu ngomqondo wakhe, ngamagama namadizayini - U-DTI unikezela ngosizo lokubhaliswa kwelungelo lokuvikeleka kokusungulwe ngumuntu ngomqondo wakhe, sibala amagama namadizayini. Lokhu kuvikela abanini belungelo lokuvikeleka kokusungulwe ngumuntu ngomqondo wakhe kungathathwa abanye abantu, kuphinde kunikezele ngolwazi lokusungulwe kulabo abandakanyekayo.
Ukubhaliswa kwamamaki ohwebo nelungelo lokukopishwa-U-DTI wenza kubhaliswe amamaki ohwebo namalungelo okukopishwa kumasinema iCinematographic. Lokhu kunikeza izeluleko ezahlukahlukene kumakhasimende mayelana nokubhaliswa kwamamaki ohwebo nokuthinta umthetho ngawo. Ukubhaliswa kwamalungelo namamaki kuvikela nokusungulwe ngomqondo.
Ukuphenywa kwezinkampani - Inhloso yalokhu ngukuvumela ukuqalisa uphenyo enkampanini uma kubonakala sengathi leyo nkampani isetshenziselwa ukukhwabanisa, abantu abangabasunguli noma abaphethe inkampani batholwe benecala lokukhwabanisa, ukungaphumeleli ukufeza izimiselo zomsebenzi noma yikuphi ukingaziphathi kahle enkampanini noma kumalunga; noma amalunga awanikezwanga lonke ulwazi njengoba bekulindelwe.
Ukuhlolwa kwamakhredithi amakhasimende- U-DTI nguyena onegunya lokuphathwa koMthetho wokweTshelekisa, uMthetho weZivumelwano zokweTshelekisa kanye noMthetho wezokuThengisa noweZinsiza. UMthetho wezokweTshelekisa ulawula ukuziphatha kwabatshelekisi zimali, nenzalo emalini ukuthi ingafakwa kanjani nakangakanani , iphinde isho nemali efakwayo yamareyithi ukuthi ifanele ibe ngakanani.
Ukuphenwa kwamakhasimende- Inhloso yalokhu ngukwenza kubekhona uphenyo lwamakhasimende olubhekiswe ekuvimbeleni noma ukulawula ukuqhuba ibhizinisi ngendlela engenabulungisa.
Ukuphenywa kwempahlambumbulu - Inhloso yalokhu ngukwenza uphenyo lweMpahlambumbulu uma ebona ukuthi ilungelo lokuvikela kokusungulwe ngumuntu ngomqondo wakhe likhinyabeziwe.
USABS: Ukulawulwa kokulandelwa koMthetho wamaZinga oHwebo amaKhasimende, Impilo nokuPhepha - USABS uphethe cishe izincaciselo ezingu-70 ezisemthethweni kwimikhakha eminingi. Lezi zincaciselo eziphoqelelayo ziyizindlela zomthetho zokulinganisa nezidingo zokuqinisekisa ukuthi imikhiqizo yalapha noma engeniswa eNingizimu Afrika noma ekhishwayo iyahambisana nezidingo zempilo nokuphepha njengoba kubekiwe kumazinga kazwelonke laseNingizimu Afrika.
Ulwazi lwezomnotho / lwamabhizinisi - Lokhu kubandakanya ukunikezelwa kolwazi lwamabhizinisi noma komnotho waseNingizimu Afrika kubatshalizimali abangahle beze noma kulabo asebekhona. Injongo yakho ngukwenza kutholakale kalula ulwazi lokutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika kulabo abangahle baludinge.
Ukwenza kubelula utshalo-mali lwenkampani yakho- U-DTI unikezela izinsiza zokuxhumana nezizinda zomthetho neminye iminyango kahulumeni ukuze kusonjululwe izinqinamba ezingakhona, njengephemithi lokuhlala nezinye izindaba zomthetho ezihambelana nalokho.
Ukwenza kubelula ukufinyelela kutshalo-mali lukahulumeni nezindlela zokuheha - Lolu sizo lunikezelwa abatshalizimali asebekhona nalabo abasazobakhona abafisa ukwandisa noma ukusungula amabhizinisi eNingizimu Afrika. Abatshalizimali kufanele bagculise imikhakha efanele ukuze babesethubeni lokuthola usizo ngezindlela zokuheha.
Ukufinyelela kwizinhlelo zobuChwepheshe - Inhloso yalokhu ngukwenza amaSMME akwazi ukufinyelela kalula kubuchwepheshe nokuthola ukudluliselwa kwamakhono afanele nokusekelwa ngezinsizakalo ezidingekayo.
Ukweluleka amabizinisi ngezimfuno zokuhambisana nomthetho - Inhloso ngukusiza amabhizinisi ekuqondeni kangcono ukuthi yimiphi imithetho ekufanele ilandelwe nokuthi ingalandelwa kanjani.
Uhlelo lokufukamela (Mentorship Programme) - Inhloso yalolu ukusebenzisa osomabhizinisi abanekhono ukuba banikezele ngeziyalo ngezinsizakalo kosomabhizinisi abancane abangaphansi kumaSMMEs.
SABS: Ukuqeqeshwa ekugcinweni kwamazinga aphezulu - Abasebenzi ngaphansi kophiko lwezeMfundo, loQeqesho neNtuthuko, bazinikele ekwethuleni izinsiza eziseqophelweni, ezihambelana nezidingo zamakhasimende abo kanti zibagculise njengabakulindele.
Usizo olubhekiswe kwabathile- Lwenza kubelula ukubakhona kwesimondawo ukuqhubezela phambili ukudlondlobala nentuthuko yamabhizinisi abantu abakhubazekile nalawulwa yibo, yintsha, nabesifazane nokuthuthukisa amabhizinisi asemaphandleni.
CSIR: Ucwaningo - lokuvimbela ubugebengu- uCSIR idlala indima enkulu njenge-Agency esekelayo endimeni yokuvinjelwa kobugebengu nakubuchwepheshe bokulwa nabo. Ithimu loncwethi bemikhakha eyehlukene ikakhulu kwezesayensi nobuchwepheshe, yilona elibhekene namaprojekthi okuvimbela ubugebengu.
CSIR: Ucwaningo - kwezokuvikelwa kwezwe nomkhakah weziNdiza zeMpi - Ukumisa izimo ezifana nezempi ukuze kuqeqeshwe; ukudizayina; ukuhlolwa nokuhlolwa kwezindiza nezikhali zempi zasemoyeni; ukuhlanganisela ukubekwa kwezikhali; ukwaluleka nokusekela ngobuchwepheshe kumarada; imikhiqizo eyimifuziselo yezongqondongqondo, ulwazi lwezezimpi; ukukhokhela nokulawula; ukubunjwa nokumisa izimo ezingumfuziselo; isistimu yobunjiniyela ye-electronics; nesistimu yobuchwepheshe bokufuna izindawo.
CSIR: Ucwaningo - Ukudla, Iziphuzo nokuDoba - Ukwenza kubekhona izinsizakalo zobuchwepheshe kwizimboni ezithengisayo nezilima ukudla, iziphuzo, ukulungiselela ukudla, iziqholo nezimonyo, namakhemikhali acolisakele.
CSIR: Ucwaningo - Ukukhiqiza namamethiriyeli - Ucwaningo nezisombululo okubhekiswe ekuthuthukisweni kohwebo, umthethomgomo, ukuhambisa phambili amabhizinisi okukhiqiza, nohlelo lwentuthuko, ukudizayinwa kwemikhiqizo, ukuthuthukiswa nokunjiniyelwa kwamamethiriyeli. Ukunika izisombululo kwizinselelo ezinqala ngokuhlinganisa ubuchwepheshe nokuhambisa phambili ibhizinisi nokuqeqesha nemfundo edingekayo.
CSIR: Ucwaningo - Okumbiwa phansi, Izinsimbi namaminerali - Ubungoti bobunjiniyela bamatshe ukuthuthukiswa kwamathulusi ukuze kugcinwe ukuphepha ngesikhathi kumbiwa kube kuqhubekiselwa phambili ukukhishwa kokumbiwayo: ukuthuthukiswa kwezindlela ezintsha namathulusi ukuvimbela ukuqhuma ngaphansi komhlaba nokwehlisa ukungcoliswa komoya ngokushisa, izintuli nokushisa okungaphezu kwamazinga amukelekile, nokuthuthukisa amazinga okusebenza nawokuphepha ngokusebenzisa imishini lapho kumbiwa kanye nokusungula amathulusi namanye amasu ukusimamisa ukuhlela kwesikhathi esifushane neside kwemayini.
CSIR: Ucwaningo - Amanzi, Imvelo naMahlathi - Ubuchwepheshe bokuhlaziya nokuphatha imvelo, okuphathelene nokusuka emhlabeni, amahlathi nemikhiqizo yawo, ukuphathwa kwezidingonqangi zamanzi, ukuthuthukisa amachweba olwandle nokutholakala kulo.
SABS: Amazinga oLwazi Omhlaba wonke - Isizinda solwazi seSABS saseNingizimu Afrka yisona siqalo sakho ekutholeni ulwazi ngamazinga. Sisinikeza amazinga angu-500 000, okucacisiweyo, uhla lwenqubo nezindlela zokuhlola ongabhekisa kuzo.
SABS: Ukuphathwa okuyikhwalithi kokuqeqesha- Isitafu sophiko lweMfundo, Ukuqeqesha neNtuthuko sizinikele ekwethuleni usizo oluyikhwalithi oluhambisana nezidingo zamakhasimende noluwagculisayo.
Ukuzakhela ukwazi ukukhipha impahla - U-DTI usiza abakhiphizimpahla ukuba bakhulise amandla abo okukhipha impahla ngokusebenzisa uhlelo lweNtsika oluphethwe nguTIDP. Lolu hlelo lwenza abakhiphizimpahla bakwazi ukuthuthukisa amadizayini emikhiqizo yabo, uhlelo lokukhiqiza, amazinga olwazi lwemisebenzi, ukupakishwa nokusongwa nolwazi lokuthengisa.
Usizo lokweluka ngokukhipha impahla - U-DTI unika izeluleko ngokuthi ungakhipha kanjani impahla ngokunikezela cishe izinto ezingu-31 ezibizwa FAQ nezimpendulo mayelana nokudayisela amazwe angaphandle, izizathu zokuthi kungani umkhiphimpahla kufanele ayikhiphe eNingizimu Afrika, izinhlelo ezicacile zokukhipha impahla, kanye nolwazi oluthe xaxa ngamakhodi emali ekhokhwayo, amafomu, namadokhyumenti okufanele agcwaliswe.
Ulwazi ngemakethe yokukhipha impahla - u-DTI unikeza amakhasimende ulwazi ngezimakethe zokukhipha impahla namathuba, nezimpendulo zemibuzo ebuzwa njalo, imibiko yamazwe, ucwaningo lwemibiko yezimakethe nezincwajana ngezivumelwano zasimahla eziphathelene nohwebo. Amakhasimende ayaziswa ngokudingekayo ukuze ungene ezimakethe zangaphandle nokuthola izimakethe zemikhiqizo yawo. Lokhu kubhekiswe kumaSMMEs, BEEs, WEEs, nabakhiphizimpahla abakhulu, abazozuza ngokwazi izimakethe iNingizimu Afrika enezivumelwano nazo ngoHwebo nokudayiselana nazo imikhiqizo.
Ikhithi yokuhlola ukulungela ukukhipha impahla - U-DTI unikezela ngemibuzo yokuzihlola ukuze usizakale ekutholeni ukuthi ulungele yini ukukhipha impahla uyise kwamanye amazwe.
Zonke izinkampani esezilungele lokhu, kanye nama- SMMEs nama-BEEs, angaluthola lolu sizo. Bobabili abangenisimpahla nabakhiphizimpahla bayahlolwa kusetshenziswa izinto ezehlukene ukubheka ukwazi kwabo ukugculisa izidingo zabo. Izinkampani ezingcono kunezinye zibe sezihlinganiswa kube sekugqugquzelwa ukuba ziqalise ukusebenzisana. U-DTI yena uzolokhu esekele lobubudlelwano buze buqine nezivumelwano zenziwe.
Uhlelo lukaZwelonke lokuzimbandakanya kwezezimboni - Lolu nguhlelo oluzama ukumisa ukulinganiswa kwenzuzo nokusekelwa kwentuthuko yezimboni zaseNingizimu Afrika kodwa lube lusebenzisa ukusizwa nguhulumeni. I-NIP nguhlelo oluphoqelelwe kuhulumeni nezinkampani zikahulumeni lapho bethenga noma bethatha amakhontraki okuqasha sakuthenga (impahla nezinsizakalo) ezinezinto ezivela kwamanye amazwe ezingu US$10 million nangaphezulu.
Ukwelulekwa nokuthunyelwa kwabathengi - U-DTI uqaphe imithetho ebhekela ukuvikelwa kwabathengi ezintweni eziningi. Le mithetho ivikela abathengi enkohlakalweni yamabhizinisi iphinde ilawule nokuziphatha kwabatshelekisi zimali, amabhange, abathengisa izimpahla ngesikweletu kanye nabathengisa izindlu namabhilidi. Noma yimuphi umthengi obanezinkinga nabaphawulwe ngenhla angafaka isikhalazo noma acele usizo noma iseluleko.
Isikhwama sengqala-sizinda esemqoka - Lolu hlelo lwezidingo-ngqangi lusiza ngezimali eziqondiswe ekusungulweni kwezingqala-sizinda kanye nokuthuthukisa lezo esezikhona ezimiselwe ukusekela noma zisize amaprojekthi otshalo-mali olusha, ukwandiswa kwalawo asevele ekhona noma, lapho kunesidingo esikhulu.
Uxhaso lwabatshali-mnotho bamazwe angaphandle - Lomxhaso kuhloswe ngawo ukuba kukhuthazwe osomabhizinisi bamazwe angaphandle ukuba balethe amabhizinisi amasha okukhiqiza eNingizimu Afrika ngokuthi baphulelwe izindleko zokuthutha imishini emisha nezinto abazidingayo ukusuka phesheya ziza eNingizimu Afrika.
Isibonelelo esibhekela abakhiqizi bezimoto - Inhloso yalesi sibonelelo ukwehlisa inani lezikhungo ezikhiqiza izimoto nezinhlobo zezimoto ezihlanganiswe lapha kuhambisana nokwanda kotshalo-mali nokudayiswa kwempahla ekhiqizwe lapha ezweni ngaphandle. Lesi sibonelelo sizokongela amakhasimende imali ngokusebenzisa izitifiketi zokubuyiselwa imali kumali abayikhokha lapho bengenisa izimoto ezivela kwamanye amazwe.
Uhlelo olusekela amakhono - Lolu hlelo lweSkills Support Programme (SSP) ngumxhaso wemali wokuthuthukisa amakhono ngenhloso yokuthi kukhuthazwe ukuqeqeshelwa amakhono kanye nokudala amathuba okungenisa amakhono amasha asezingeni elithe xaxa.
Amaprojekthi Asezimbonini (Strategic Industrial Projects)- Lolu hlelo luveza isinyathelo esisha sesu likahulumeni lokukhushulwa kwamazinga okutshala izimali yizinkampani ezizimele kumabhizinisi amasha anenzuzo naletha umnotho eNingizimu Afrika, futhi ebe edala amathuba emisebenzi emkhakheni wezimboni.
Uhlelo olubheka osomabhizinisi abasafufusayo ngokubakwenetela (iEmerging Entrepreneur Scheme, Credit Guarantee Scheme) - Leli lisu lihlinzeka imali eze ifike ku R100 000 ngentela engu-4% ngonyaka ekhokhwa phambili. Isikhathi sayo kuqala kube izinyanga ezingu-24, kodwa sisenakho ukwandiswa kuze kube izikhathi ezintathu eziyizinyanga ezingu-12 ihlandla. Imibandela ehambisana nalokhu ke ukuziphatha kahle gnokukhokha isikwenetu sakho njengokulindelekile.
Uhlelo olunikeza isiqiniseko kumali ebolekwe umuntu (Individual Guarantee, Credit Guarantee Scheme) - Inhloso yalesi sikimu ngukwenza usomabhizinisi akwazi ukuthola imali ebhange elibandakanyekayo kulolu hlelo noma esinye isizinda semali. Lesi sikimu senza usomabhizinisi akwazi ukuthola imali ukuze asungule, anwebe kumbe athenge ibhizinisi. Izinsizakalo ezitholakala ngohlelo lwesiqinisekiso lwakwaKhula ngokuvamile zibandakanya ukubolekwa imali ekhokhwa esikhathini esinqunyiwe, imvume yokusebenzisa imali engaphezu kwekuakhawunti yakho yasebhange (bank overdraft), isikwenetu esijikelezayo (i-revolving credit), ukuthenga ngokukhokha kancane kancane uze uqede, iziqinisekiso emabhange kanye neziqinisekiso zokwakha.
Uhlelo lokuhlenga amabhizinisi akwaZulu KwaZulu Rehabilitation Trust Fund, Credit Guarantee Scheme - Lesi sikhwama sibhekele osomabhizinisi baKwaZulu ngemali engu-R10m, amabhizinisi abo akhinyabezwa yizehlakalo zodlame kuze kube u-1994. Lemali ibekelwe ukuba isebenze njengezibambiso kulabo abasafisa ukuvusa amabhizinisi abo. Osomabhizinisi bangaba semabhizinisini amanye manje kodwa kuyofanela ukuba beveze ubufakazi bokuthi ibhizinisi labo lokuqala lakhinyabezwa udlame.
Izikhungo zokwebolekisa ngemali ezincane (Micro-credit outlets) - UKhulaStart uhlelo olusiza imifela-ndawonye (ubolekisa ngemali kumathimab hhayi abantu ngabodwana). Abantu bayahlangna babe ba-3 ukuya ku-10 kanti kufanele benelise balandele imibandela emiselwe amaqembu azimbandakanye kulolu hlelo. Okubaluleke nakakhulu, iqembu kufanele libe yimbumba. Imali ibolekiswa ngokwandiswa kusukela ku-R300 ukuya ku-R3 500 umuntu ngamunye kulelo qembu. Iqembu ke libe selinquma ukuthi yilelo nalelo lungu lizothola malini, emveni kokubuka ibhizinisi ngebhizinisi ukuthi lisebenza kanjani, ebese lizijuba ngokuqinisekisela imali yonke ekwenetwayo.
Izikhwama zezifunda (Regional equity funds) - Isidingo sokudingeka kwesamba sokubheka ingcuphe (isamba sokuqala ibhizinisi/sokulinganisa abathize) ukuze kusekelwe amabhizinisi amancane naphakathi (SMEs) ikakhulu lawo osomabhizinisi ababekhishwe inyumbazana phambilini asingabazeki neze. Amabhange amaningi nezinhlaka zezimali sezisungule usizo lwezimali lokukhuphula izinga lawosomabhizinisi abathize ukuze balinganiseke nabanye zalubhanqa nezinye izinsizakalo ezihlinzekwayo.
Uhlelo olwesekela ngakwezamakhono (Skills Support Programme) - Lena imali yokuxhasa ukuthuthukiswa kwamakhono ngenjongo yokukhuthaza ukutshalwa kwezimali ekuqeqesheni nasekudaleni amathuba okuqalisa amakhono amasha.
i Land Reform Credit Facility - Lolu nguhlelo lokusiza ngemali lwamaholisela olukhona kwaKhula Enterprise Finance Ltd, ngenjongo yokukhuthaza izinkampani ezizimele ukuba zizibandakanye ohlelweni lokuvuselelwa kwemihlaba. ILRCF isizwa ngezimali nguMnyango wezoMhlaba ne-Europian Union. Lesi sizinda sifinyelela enhlosweni yaso ngokunika imiklomelo nezinsizakalo ezithile kumabhange nezinye izizinda zemali ezinkulu ukuba nazo zitshale izimali kuhlelo lokuhlanganyela lwezolimo nokugcinwa kwendawo nokuvakasha, ngokwenze njalo uvulela amabhizinisi azimele ukuba atshale izimali kwezolimo, nokuhambelana nakho.
Isikhwama sokuncintisana - Inhloso ngukuvumela izinkampani ukuba zithole ulwazi ngobuchwepheshe obusha, izinhlelo zokukhiqiza nezimakethe ukuze ziththukise ukuncintisana. Siqinisekisa ukuthi izinkampani ziyazi ngobuchwepheshe obusha, ziyafinyelela futhi ziyabamukela ukuze zithuthukise ukukhiqiza zibengcono noma zithuthukise ukufinyelela kwezinye izimakethe.
Uhlelo olusekela amakhono (Skills Support Programme) - Lona ngomxhaso wokuthuthukisa amakhono ngenjongo yokugqugquzela ukutshalwa kwezimali okukhulu ekuqeqesheni nasekudaleni amathuba ukuze kuqaliswe amakhono amasha.
Isibonelelo somkhiqizo (Productive Asset Allowance) - Inhloso yalokhu ngukwehlisa inani lezinhlobo zezimoto ezihlinganiswe kuleli zibe zihambisana nokwandisa utshalo-mali nokukhishwa kwempahla enezinto ezitholakala kulo leli. Lokhu kuzokongela amakhasimende imali ngokusebenzisa izitifiketi zokubuyiselwa imali ukuze kususwe imali ekhokhwa ekungenisweni kwempahla yokwakha izimoto ezivela kwamanye amazwe.
Izizinda zokuthuthukisa izimboni (ama IDZ) - Lezi zinda yizimboni ezingakhokhi zokukhishwa kwemikhiqizo, znikezela izindlela zokuhamba, izinto zokusebenza, nezinsizakalo ezibhekiswe kwizimboni ezikhipha impahla. Ukuma kwazo kufanele zibe sochwebeni lolwandle noma eduze nesikhumulo sezindiza ukuze zenze ukufinyelela ezimakethe zaphesheya kusheshe futhi kubelula.
Ungalikhulisa kanjani iBhizinisi lakho na?
Ayini amalungelo abathengi na?
Usizo ungaluthola kubani?
Ngobani ababambi-qhaza bakwa DTI?
Njengokuyalela komthetho ke kufanele isiceleo leso solwazi siphekezelwe imali engango R35.
Isiphathimandla sezokwazisa sakwa-DTI semukela futhiu sicubungule isicelo ukubona ukuthi sigcwaliswe ngendlela yakhona yini nokuthi ingabe imininingwane efunakalayo ikhona yini kwa-DTI. Isicelo sibe sesivunywa ke, noma senqatshwe kumbe sidluliselwe kumnyango ofanelekile ogcina lolo lwazi oluceliwe. Kube skubhalwa incwadi ibhekiswa kumfaki sicelo aziswa ngokuthi isicelo sakhe semukelwe futhi simiphi.
Uma iscelo sivunyiwe, u-DTI uzokube eseqoqa futhi elungisa lolo lwazi bese ebala nezindleko ezihambisana nalesi sicelo. Izindleko zona ke zibalwa njengokusho kuka par 7.6.
Umfaki sicelo uzokwaziswa ngesiphetho solwazi olufakelwe isicelo kanjalo nenkokhelo ka-DTI.
Uma imali eshiwo kusinyathelo 4 isitholakele (ngokulandela lona uhlelo lwenkokhelo olubalulwe kusinyathelo 1), isicelo sokuthola ulwazi luyadedelwa lunikezwe umfaki sicelo.
lithini ikheli leposi kumbe inombolo yefeksi yomfaki sicelo.
Umfaki sicelo kufanele asho ukuthi ufuna ulwazi alucelayo ulufunela izizathu zokusebenzisa kumbe ukuvikela amalungelo, asho kucace futhi ukuthi yilona liphi lelo lungelo leisetshenziswayo kumbe elivikelwayo.
Umnyango ke usuyolungisa isicelo sokuthola ulwazi zingakapheli izinsuku ezingu 30, ngaphandle kokuba umfaki sicelo ebeke izizathu ezithize, ezizokwenelisa Isiphathimandla sezokwazisa, ukuthi kunesimo esibiza ukuthi lezi zikhathi ezibekiwe zingalandelwa. Isikhathi sezinsuku ezingu 30 okufanele isikhungo sinqume ngaso ukuthi siyasivuma yini isicelo noma cha singelulelwa esinye isikhathi esingeyukweva ezinsukwini ezingu 30 uma ulwazi olufakelwe isicelo luluningi kakhulu, kumbe isicelo sokuthola ulwazi sidinga ukuba ulwazi oludingakalayo lufunwe kwamanye amahhovisi angekho esakhiweni sakwaDTI lokho okungadala ukuba kungenzeki ukuba ulwazi luhlangane ezinsukwini ezingu 30. Umfaki sicelo uyokube esaziswa ngencwadi uma kunesidingo sokwelula isikhathi.
Uma isicelo sifakelwa omunye umuntu, lowo ofaka isicelo sekufanele ethule ubufakazi bokuthi ulwazi lolu ulucela ngaliphi no, ngendlela ezokwenelisa isiphathimandla sezokwazisa.
Uma umuntu engakwazi ukufunda nokubhala, angasifaka isiclo sakhe ngomlomo. Umfaki sicelo ke kufanele akhokhe leyo mali enqunyiwe ngaphami kokuba sibukwe nokubukwa isicelo sakhe.
Inkokhelo yokufaka isicelo, ekohokhwa yiow wonke umuntu ngokujwayelekile; kanye nemali yokuthola ulwazi, ebalwa ke ngokubheka izindleko zokukhiqiza lolo lwazi, ukucwaninga nokulufuna, isikhathi esithathiwe lulungiswa, nezindleko zeposi.
Uma isicelo sokuthola ulwazi semukelwa isiphathimandla sezokwazisa, leso siphathi mandla sizokukhipha isaziso esidinga ukuthi umfaki sicelo, ngaphandle uma kungulwazi oluqondene naye ngqo, akhokhe imali yokufaka isicelo ebekiwe (uma ikhona) ngaphambi kokuba sicuthsungulwe isicelo sakhe.
Uma umsebenzi wokucingwa kwerekhodi futhi lilungiselwe ukudedelwa, lokho kumbandakanya ukulikhipha ngendlela ebalulwe ngumfaki sicelo uzothatha isikhathi esingaphezulu kwaleso esinqunyiwe ngumthetho mgomo, isiphathimandla sezokwazisa kufanele azise umfaki sicelo ukuthi kufanele akhokhe imali eyisibambiso elinganiswa kumali enqunyelwe lomsebenzi uma isicelo solwazi sivunyiwe.
Umfaki sicelo osicelo sakhe sivunyiwe, kufanele akhokhele amakhophi ukufunwa kwerekhodi lakhe kanjalo nokulungiswa kolwazi alufunile ukuba ludedelwe, nesikhathi esidingakalayo ukwenza lomsebenzi uma sizokweva kuleso esibekiwe, lokho kumbandakanya nokulungisa ulwazi luze ngesimo esiceliwe.
Uma kukhona idiphozi ekhishiwe malungana nesicelo solwazi, bese isicelo siyenqatshwa, isiphathimandla sezokwazisa sekufanele simbuyisele imali yakhe umfaki sicelo.
Imali yokuposa ikhokhwa uma ikhophi yerekhodi kufanele ukuba iposelwe umfaki-sicelo. Izindleko zeposi zihambisana nendawo okusuke kuzoposelwa khona ulwazi oluceliwe.
Imininingwane eyimfihlo enikezwe isikhungo yilowo muntu wesithathu, uma ukukhishwa kwaleyo mininingwane kungabeka izingxoxo zohwebo nezezimali phakathi kwalo wesithathu nezinye izingxenye nangezizathu zokuncintisana.
Ulwazi lwezocwaningo lwesikhungo kumbe omunye umuntu, uma ukukhishwa kwalo kungabeka obala igama lesikhungo kumbe elomunye umuntu, umcwaningi, kumbe lokho abecwaninga ngako kube sengcupheni futhi kubeke nomwaningi engcupheni.
Izicelo zolwazi ezingasile futhi eziyicefe ngokufanele, kumbe ezizodinga ukuba kusetshenziswe imali nesikhathi nemthombo eminingi ngokungenzi mqondo, zingase zenqatshwe.
Esithathwe ngokuhambisana nezigaba 22, 26 noma 29 , malungana nomfaki sicelo nalolo luhlaka oluthintekayo.
Umuntu angaludlulisela phambili udaba uma isinqumo sesiphathimandla sezokwazisa kumnyango kahulumeni esishiwo ku- paragraph (a) sencazelo "yohlaka lukahulumeni" kusiGaba 1 sokuvunywa kwesicelo.
Uma kufanelekile, isicelo sokudlulisa singaphekezelwa inkokhelo enqunyiwe yokudluliswa kodaba, futhi kufanele kubalulwe ikheli leposi or inombolo yefeksi.
Uma udaba seludluliswe emevni kwesikhathi esivumelekile, ophethe othintekayo kufanele uma eseneliswe yizizathu zalokhu ezemukelekayo, akuvumele ukufakwa kwesicelo sokudluliswa kodaba osekudlulelwe sikhathi.
Uma oyisiphathimandla esithintekayo engakuvumeli ukudluliswa kodaba emevni kwesikhathi esinqunyiwe, kufanele akhiphe isaziso ngalesi sinqumo esibhekiswe kulowo obethi udlulisa udaba.
Ofaka isicelo sokudluliselwa phambili kodaba ngokungavunywa kwesicelo sakho sokuthola ulwazi, kufanele akhokhe imali enqunyiwe ehambisana nokudluliselwa phambili kodaba (uma kufanele).
Uma imali enqunyelwe ukudluliselwa phambili kodaba kufanele ikhokhwe, isinqumo malungana nodaba oludlulisiwe singagodlwa kuze kube iyakhokhwa imali enqunyiwe.
o kanti uma ukudluliselwa phambili kodaba kuphathelene nokunqatshwa kmbe ukuvunywa kwesicelo sokufinyelela kulwazi, igama, ikheli leposi, inomblo yocingo kanye nenombolo yefeksi kanye nekheli le e-mail, noma ikuphi okukhona kwanoma imuphi omunye umuntu okufanele makaziswe ngesicelo sokuthola ulwazi.
Ngesikhathi sokuphethwa kwalomqulu wokusebenza, Ikhomishani yaseNingizimu Afrika yamaLungelo esiNtu ibingakawubhali umhlahlandlela oshiwo kusiGaba 10 soMthetho. UMhlahla-ndlela uzokuqukatha ulwazi olungahle ludingwe umuntu ofisa uksebenzisa ilungelo lakhe njengoba kushiwo uMthetho.
iSigaba 10 saqala ukiusebenza ngomhlaka 15 February 2002 njengokoMthetho-mgomo 187. NgokwesiGaba 10 sika PAIA, i SAHRC inikezwe izinyanga ezingu ukukhipha lombhalo onguMhlahla-ndlela kusukela ngosuku esiqale ukusebenza ngalo lesi sigaba. UMhlahla-ndlela uzotholakala engakashayi u August 2003.
Ababambi-qhaza abaye basoshelwe ukwethamela lemihlangano babandakanya imikhakha eyehluka-hlukene yomphakathi enjengamabhizinisi, abasebenzi, izinhlaka zikahulumeni, imnyango kanye nezinhlangano zomphakathi.
Impumelelo yokumbandakanyeka kwababambi-qhaza ihlolwa kanye ngonyaka ngenhlolo-vo yabo, kanjalo nangobungcono nokuzwela kwezibonelelo zika -DTI's, okungumphumela wokusebenzisana nababambi-qhaza.
Isicelo semukelwe ngu (shono isikhundla sakho, igama nesibongo isiPhathimandla sezoKwazisa/iSekela lesiPhathimandla sezoKwazisa) ngosuku lomhlaka endaweni yase...
Imali eyisibambiso (uma ikhona): R...
Imali yokufinyelela kwirekhodi: R...
B. Iminingwane yomuntu ofaka isicelo sokuthola ulwazi a Iminingwane yomuntu ofaka isicelo sokufinyelela kumarekhodi kufanele inikezwe ngezansi.
b Ikheli kanye/noma inombolo yefeksi eRiphabhuliki okungathunyelwa kuyo ulwazi kufanele ihlinzekwe.
c Ubufakazi bokuthi isicelo usifakela omunye ngasiphi isizathu, uma bukhona bungafakwa nabo.
Amagama Agcwele nesiBongo:...
Lesi siGaba singagcwaliswa KUPHELA UMA isicelo sifakelwa omunye umuntu.
Amagama Agcwele nesiBongo:...
D. Imininingwane yerekhodi a Hlinzeka Imininingwane egcwele yerekhodi okudingeka ukuthi kufinyelelwe kulo, lokho kubandakanya I- reference number uma uyazi, ukuze litholakale kalula..
b Uma isikhala esihlinzekiwe singenele, qhubekela kwelinye ikhasi bese ulihlanagnisa naleli fomu. Umfaki sicelo sekufanele awasayinde onke lawa makhasi engeziwe.
Incazelo yerekhodi, kumbe leyo ngxenye ethintekayo yerekhodi:...
Eminye imininingwane yerekhodi:...
E. Inkokhelo a Isicelo sokufinyelela kwirekhodi, ngaphandle kwe rekhodi elinemininingwane yakho, sizokubhekwa kuphela emveni kokuba sekukhokhwe imali edingakalayo yokufaka isicelo.
b Uzokwaziswa ngemali okufanele uyikhokhele ukufinyelela kwirekhodi.
c Imali ekhokhelwa ukufinyelela kwirekhodi iya ngokuthi irekhodi lifuneka ngasiphi isimo kanye nesikhathi esichithwa lifunwa futhi lilungiselwa ukukhishwa.
Uma ngenxa yokukhubazeka awukwazi ukfunda, ukulibuka kumbe ukulilalela i-rekhodi likwisimo esishiwo ku1 kuya ku 4 ngezansi, chaza isimo sokukhubazeka kwakho kanye nohlobo lwesimo ofuna ngaso i-rekhodi.
Beka uphawu X ebhokisini elifanele.
a Isicelo sakho sokuthola irekhodi ngesimo osicelile sizokunqunywa ukuthi likhona yini ngaleso simo.
b Kunganqathswa kwenye inkathi ukukhishwa kwerekhodi ngaleso simo. Uma kwenzeka lokho, uyokwaziswa uma uzokulinikezwa ngenye indlela.
c Inkokhelo yokufinyelela kwi rekhodi, uma ikhona, izokunqunywa ngakolunye uhlangothi isimo eliza ngaso irekhodi.
Qaphela, uma i-rekhodi lingekho ngolimi olukhethiler, ungalithola ngolimi olunye olukhona ngalo i-rekhodi.
Ufisa ukuthi i-rekhodi lakho libe ngaluphi ulimi?
Uzokubhalelwa waziswe ukuthi isicelo sakho sivunyiwe kumbe sinqatshiwe. Uma ufisa ukwaziswa ngenye indlela, uyacelwa ukuthi usho indlela ofuna ukwaziswa ngayo bese unikeza yonke imininingwane ehambisana nalokho ukuze kuhlangatshezanwe nesicelo sakho.
Uthanda ukwaziswa kanjani ngesinqumo esiphathelene nesicelo sakho sokufinyelela kwirekhodi?
Lisayindwe ngalolu suku luka ... 20...
B. Imininingwane eceliwe/owesithathu ofaka ukudluliselwa phambili kodaba a Imininingwane yomuntu odlulisela phambili udaba kufanele inikezwe ngezansi.
b Ubufakazi bokuthi isicelo usifakela omunye ngasiphi isizathu, uma bukhona bungafakwa nabo.
c Uma umkhalazi kungomunye umuntu kungesiyena lo obefake isicelo phambiloni, imininingwane yomfaki sicelo kufanele inikezwe ku-C ngezansi.
Amagama Agcwele nesiBongo:...
Lesi siGaba singagcwaliswa kuphela uma umuntu engowesithathu (engesiyena umfaki sicelo) edlulisela phambili udaba.
Amagama Agcwele nesiBongo:...
Uma isikhala esihlinzekiwe singeneli, qhubekela kwamanye amakhasi bese uwahlanganisa naleli fomu. Kufanele uwasayinde onke amakhasi angeziwe obhale kuwo.
Uzokubhalelwa incwadi mayelana nesinqumo esiqondene nokudluliselwa phambili kodaba. Uma ufisa ukwaziswa genye indlela, siza uisho bese uhlinzeka nemininingwane efanelekile ehambisana nalokho ukuze iscelo sakho sifezeke.
